Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 94:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Phakamisa wena mahluleli womhlaba, unike abazidlayo umvuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 94:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo; uJehova uyabalondoloza abakholekileyo, amphindisele kakhulu ozidlayo.


Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*


Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; abamzondayo babaleka phambi kwakhe.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba, ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.


Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.


Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, zinqunywe zonke izitha zakho.


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka