Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 92:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 nokushaya ugubhu olunezintambo ezilishumi, umqangala nohabhu okuzwakala kamnandi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ensimbini enezintambo eziyishumi nangogubhu; ngehabhu elinomsindo onesizotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 92:3
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.


UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.


nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa;


Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.


Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.


abesithathu babe sendlini yenkosi, abesithathu babe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova.


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.


Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*


Bongani uJehova ngehabhu;* mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”


Vuka, mphefumulo wami; vukani, lugubhu nehabhu!* Ngizakuvusa ukusa.


Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


“Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu* phambi kwabo, beprofetha;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka