Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 77:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngikhumbula uNkulunkulu, ngibubule; ngiyazindla, umoya wami udangele. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngacabanga ngoNkulunkulu, ngakhathazeka; ngakhononda, umoya wami waphela amandla. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 77:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?


Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


“Ngalokho nami angiyikubamba umlomo wami; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


Ungabi luvalo kimi; uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.


Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla.


Ukhononelani umuntu ophilayo, umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka