Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Ububi bubuyela ekhanda lakhe, ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ububi bakhe buyakubuyela phezu kwekhanda lakhe, nobudlova bakhe buyokwehlela okhakhayini lwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 7:16
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Uyakukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na?’ Bese wukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.


Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.


Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.


Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.


Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi.


Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu; inhliziyo yami iduduzekile; ngizakuhlabelela, ngihube.


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.


Omba umgodi uyakuwela kuwo, nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.


Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.


UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.


Futhi uJehova uyakunikela u-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka