Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 69:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami womile, amehlo ami afiphele lapho ngilindela uNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 69:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Ubuso bami bubomvu ngokukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,


Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.


Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”


Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


“Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.


Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.


Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*


Ngatshiyozisa okwenkonjane, ngaliliselisa okwejuba; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami.”


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.”


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka