Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 61:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyethemba endaweni yokucasha yamaphiko akho. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 61:4
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?


Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho


Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.


Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.


Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.


Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke nohlezi emthunzini kaSomandla


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.


ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,


Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka