Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 53:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UNkulunkulu wabuka phansi esezulwini abantwana babantu ukuze abone ukuthi ukhona yini ozwisisayo, ofuna uNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 53:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.


Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele, wabuka umhlaba esezulwini


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka