Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 36:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Amazwi omlomo wakhe angububi nenkohliso; wayeka ukuhlakanipha nokwenza okuhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 36:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.


Wahamba ngendlela ka-Asa uyise, kaphambukanga kuyo, ekwenza okulungile emehlweni kaJehova.


Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Bayalola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela*


Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.


Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?


Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:


Uyafika-ke, ayifumane ishaneliwe, ihlotshisiwe.


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.


USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”


UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.


Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.”


USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukulimaza, lokhu ukuphila kwami bekuyigugu emehlweni akho namuhla; bheka, ngenze okwesiwula, ngidukile kakhulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka