Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 34:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 34:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho


AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.


Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,


Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.


Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze.


Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.


Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Thela ubuso babo ngehlazo, baze bafune igama lakho, Jehova.


Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Khona uyakubona, ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe, nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka