Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 30:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 30:12
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.


AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba ungenzele okuhle.


Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.


Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.


Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela*


Vuka, mphefumulo wami; vukani, lugubhu nehabhu!* Ngizakuvusa ukusa.


Mina kodwa ngiyakwethemba njalo, ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.


Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


“Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka