Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 24:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova na? Ngubani oyakuma endlini yakhe engcwele na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 24:3
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.


Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.


Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


UJehova wathi kimi: “Ndodana yomuntu, beka inhliziyo yakho, ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikukhuluma kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nangayo yonke imithetho yayo, uqaphele indawo yendlu yokungena nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?” UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka