Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 20:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abanye bathemba izinqola, abanye amahhashi, kepha thina siyakulikhumbula igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 20:7
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.


UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.


U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?


UJehova ungamandla abantu bakhe; uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.


Igama lakho ngiyakulenza likhunjulwe ezizukulwaneni zonke; ngakho-ke izizwe ziyakukubonga kuze kube phakade naphakade.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.


Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka