Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 147:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyelapha abanenhliziyo eyaphukileyo abophe amanxeba abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 147:3
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.


UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.


Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka