Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 146:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 146:6
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba.


Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina; iqiniso likaJehova limi phakade. Haleluya!


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”


Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Ulwandle ngolwakhe, walwenza; nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.


UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;


ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,


ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,


isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka