Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 14:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Bonke baphambukile, bonke bonakele; akekho owenza okuhle, akukho namunye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bonke basuka, bangcola bonke kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 14:3
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo, umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?


Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.


Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami.


Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


UFaro wavuka ebusuku, yena nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abaseGibithe; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe, ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga muntu khona.


UJehova wayesenza njengezwi likaMose; wasusa izibawu kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.


Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.


Bheka, lokhu kuphela ngikufumene ukuthi uNkulunkulu wamenza umuntu waba qotho, kepha bona bafunile amacebo amaningi.”


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


‘Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka