Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 136:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 136:1
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.


Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.


Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka