Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini, lihlanjululwe kasikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Amazwi kaSimakade ahlanzekile, anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo, lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elivivinywe esithandweni somhlaba, elihlanjululwe kasikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 12:6
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.


Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.


“Impela ukhona umthapho wesiliva, nendawo yegolide abalicwengayo.


Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda.


Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.


Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.


Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.


“Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye.


“Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.


“Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka