Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 113:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke, inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 USimakade uphakeme phezu kwezizwe zonke, inkazimulo yakhe iphezu kwamazulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke, nenkazimulo yakhe iphezu kwamazulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 113:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?


Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.


Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.


UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.


Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.


Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.


Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka