Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 11:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 11:6
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.


Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.


Uthukuselwe inkintshela emhlabathini, nesihibe emgwaqweni.


Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe, kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.


Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.


Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.


UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami.


UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.


Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.


Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.


Lokhu kungokwenkatho yakho, isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova, “ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.


Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye, imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule.


Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.


kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”


Kwathi ngosuku u-Elkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;


USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka