Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 11:4
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.


Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu,


Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami,


UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela.


UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.


uNkulunkulu ubengayikukuhlola na? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.


Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*


Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.


Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,


“ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi, ‘noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na?


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


Masinyane ngaba kuMoya. Bheka, isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini nohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka