Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngokuba abaholi beholile kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Dumisani uJehova ngokuphindisela kuka-Israyeli lapho abantu bezidela ngokuzithandela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 5:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;


Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,


Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;


Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.


Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.


ISiyoni liyezwa, liyajabula; amadodakazi akwaJuda ayethaba ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.


Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”


Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka