Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 4:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye, wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini, ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Kodwa uJayeli, umkaHebhere, wathatha ngesandla sakhe isikhonkwane sethende nesando, wanyonyoba waya kuye esazunywe ngubuthongo, wasiphisela isikhonkwane enhlafunweni saze saphumela emhlabathini. Wayezunywe ngobukhulu ubuthongo, ekhathele. Wafa kanjalo-ke uSisera.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Khona-ke uJayeli umkaHebhere wathatha isikhonkwane etendeni waphatha isando ngesandla sakhe, waya kuye ngobumnene, wasibethela isikhonkwane ezinhlafunweni zakhe, wasigxisha emhlabathini, ngoba wayelele ubuthongo obukhulu futhi ekhathele. Ngakho wafa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 4:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”


kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.


U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;


Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.


Wathi kuye: “Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: ‘Kukhona muntu lapha na?’ uthi: ‘Qha.’ ”


Bheka, uBaraki esamxosha uSisera, uJayeli waphuma ukumhlangabeza, wathi kuye: “Woza, ngikubonise omfunayo.” Waya kuye; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.


Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka