Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantu bakwa-Israyeli babefungile eMispa, bethi: “Akuyikubakho muntu oyakunika owakwaBenjamini indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Abakwa-Israyeli babefungile eMizpha, bathi: “Akukho namunye phakathi kwethu oyoganisela abakwaBhenjamini indodakazi yakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantu bakwa-Israyeli bafunga eMispa, bathi: “Makungabikho kithina oyakunikela ngendodakazi yakhe kuBenjamini, ibe ngumkakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 21:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”


Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.


Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


sithathe abantu abayishumi ekhulwini kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, nabayikhulu enkulungwaneni, nabayinkulungwane ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba balande ukudla kwabantu, nalapho sebefike eGibeya lakwaBenjamini benze ngokobuwula ababenzile kwa-Israyeli.”


Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini, bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini, nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.


Bonke abantu bavuka njengomuntu munye, bathi: “Asiyikuya, sisho namunye etendeni lakhe; asiyikuphambukela sisho namunye endlini yakhe.


Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babefungile bethi: ‘Makaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.’ ”


Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi, sithi kubo: ‘Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.’ ”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Yisiphi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga ebandleni kuJehova na?” Ngokuba bebefungile isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukeli kuJehova eMispa ukuthi wobulawa nokubulawa.


Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu sifungile uJehova ukuthi asiyikubanika amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?”


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka