Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 2:13
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.


USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni.


Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.


Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova,


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Bayakuphendula bathi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.’ ”


Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.


Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.


Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali;


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka