Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuze akhulume naso, asibuyise. Wayehamba nenceku yakhe, nezimbongolo ezimbalwa; samngenisa endlini kayise, lapho umukhwe wakhe embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umyeni wakhe wasukuma, wayilandela ukuze akhulume kahle nayo, wayibuyisa, nenceku yakhe kanye nayo nezimbongolo; yamngenisa endlini kayise; uyise womntwana eyibona, wathokoza ukuyihlangabeza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 19:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


“Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ ungasangibizi ngokuthi: ‘NguBali wami.’


“ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.


Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.


Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.


Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi; wathi: “Ngiyakungena kumkami ekamelweni.” Kepha uyise kavumanga ukuba angene.


Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.


Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.


Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka