Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 16:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDelila wathi kuSamsoni: “Ake ungitshele ukuthi amandla akho amakhulu aphi nokuthi ungaboshwa ngani, unqotshwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 UDelila wathi kuSamsoni: “Ake ungitshele ukuthi yini ekwenza ube namandla amakhulu kangaka, nokuthi ungaboshwa kanjani ukuze unqotshwe, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDelila wasesithi kuSamsoni: Ngitshele ukuthi angaphi amandla akho amakhulu lokuthi ungabotshwa ngani ukukucindezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 16:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo.


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.


Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo, nomlomo othophayo usebenza incithakalo.


Ngokuba intengo yowesifazane oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.


Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle; ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.


Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.


Amakhosi amaFilisti enyukela kuye, athi kuye: “Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe, simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.”


USamsoni wathi kuye: “Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka