Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Babasusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe waba lusizi ngenxa yokuhlupheka kuka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 10:16
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami,


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.


Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na? Mina ngiyakumphendula, ngimbheke; nginjengomsayipuresi* oluhlaza, kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


wathi: “Nimbekephi na?” Bathi kuye: “Nkosi, woza ubone.”


Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’


Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.


Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”


Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.


Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


Abakwa-Israyeli base besusa oBali no-Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka