Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abantwana bamaKheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka kanye nabantwana bakwaJuda besuka emzini wesundu baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; bahamba bahlala phakathi kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 1:16
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;


Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.


Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi yathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba ayisize.


UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose no-Israyeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile u-Israyeli eGibithe.


UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.


UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.


UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.


UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.


Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini.” UJetiro wathi kuMose: “Hamba nokuthula.”


“Yiya endlini yamaRekabi, ukhulume kuwo, uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo ayo, uwaphuzise iwayini.”


UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owayakhe eningizimu, wezwa ukuthi u-Israyeli uyeza ngendlela yase-Atarimi; walwa no-Israyeli, wathumba abanye kubo.


Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi:


neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari.


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”


inkosi yaseHorma: inye; inkosi yase-Aradi: inye;


Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,


Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.


Wazibuthela abantwana bakwa-Amoni nabakwa-Amaleki, waya wachitha u-Israyeli, badla umuzi wamasundu.


Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni, abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini* laseShananimi eliseduze neKedeshi.


Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo, wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.


USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.


U-Akhishi wathi: “Ningenelephi namuhla na?” UDavide wathi: “Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.”


nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka