Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumbusi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 8:16
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.


UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali, noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;


Bayibiza inkosi, kwaphumela kubo u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana.


Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.


UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka