Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 unjengokukhanya ekuseni, njengelanga liphuma, isibhakabhaka sicwathile, ucwazimula njengotshani emhlabathini emuva kwezimvula.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uyakuba njengokukhanya kokusa ekuphumeni kwelanga, njengokusa okungenamafu; njengotshani obuthambile obumila emhlabeni ngokukhazimula ngokukhazimulayo ngemva kwemvula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.


Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”


Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.


Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.


Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,


“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka