Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 Bamthatha u-Asaheli, bamngcwaba elibeni likayise eBhethlehema. UJowabe namadoda ayenawo base behamba ubusuku bonke, kwathi kuqambe kusa babe sebeseHebhroni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise eliseBhetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, bafika eHebroni ekuseni kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:32
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe.


Kepha lapho sengilele kobaba, uze ungikhiphe eGibithe, ungimbele ethuneni labo.” Wathi: “Ngizakwenza njengezwi lakho.”


Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha.


Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.


UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.


UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.


USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana na?” UDavide waphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka