Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 18:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Inkosi yayaleza uJowabe, u-Abhishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami; ngisho u-Absalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Absalomu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inkosi yabayala oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Yibani mnene nensizwa ku-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyala zonke izikhulu ngo-Abisalomu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 18:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.


U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’


Kwabikelwa uJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, imlilela u-Abisalomu.”


Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.


Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka