Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 11:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 11:2
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.


UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.


Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.


Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.


U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle.


Amadodana kaRimoni waseBeyeroti oRekabi noBahana ahamba, afika selishisa ilanga endlini ka-Ishi Bosheti ephumula embhedeni emini.


Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe, bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?


Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima, nesidenge siyalamba.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.


edlula esitaladini eduze negumbi lakhe. iya endleleni yendlu yakhe,


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.


ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.


“Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.


“ ‘Ungafisi umfazi womakhelwane wakho; ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nensimu yakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.’


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;


ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.


Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka