Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 11:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 11:11
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”


Yathi-ke inkosi: “Isandla sikaJowabe sinawe yini kukho konke lokhu na?” Owesifazane waphendula wathi: “Kuphila kwakho, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphendukela ngakwesokunene nangakwesokhohlo kukho konke okukhulunywe yinkosi yami, inkosi, ngokuba inceku yakho uJowabe yangiyaleza, yafunza onke lawo mazwi emlonyeni wencekukazi yakho;


Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”


inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”


Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*


UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?


Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.


uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;


Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.


USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.


Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.


Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi;* amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka