Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 1:16
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.”


UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”


Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”


Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.


ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,


inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.


“ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”


“ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.


Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


“Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga;


Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu suku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.


Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.


ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka