Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwathi sebewuzuzile, isandla sikaJehova saba phezu komuzi ngokuchitha okukhulu kakhulu; izingxenye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 5:9
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade.


Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama, kuhlangane naye ibhere,* noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu,* aze aphela.


kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.”


Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.


Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.


bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni kanye nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yamathumba abo.


Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka