Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 3:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi: “Yini izwi uJehova alikhuluma kini na?” Ngicela ungangifihleli; UNkulunkulu uyakwenza lokhu kuwe, nangaphezulu uma ungifihlela okuthile kukho konke akutshele kona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 3:17
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yayisiphendula inkosi, yathi kowesifazane: “Ake ungafihli lutho kimi engiyakulubuza mina kuwe.” Wathi owesifazane: “Mayikhulume inkosi yami, inkosi.”


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: “Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,


Yayisithi kuye inkosi: “Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?”


Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”


Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.


USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi, wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova; inkosi yathi kuJeremiya: “Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.”


Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.”


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?


Wayesefika kuye; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa, izikhulu zakwaMowabi zinaye. UBalaki wathi kuye: “UJehova ukhulume ngokuthini na?”


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”


USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”


UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.


UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”


U-Eli wayesembiza uSamuweli, wathi: “Samuweli, ndodana yami!” Wathi: “Ngilapha.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka