Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 26:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Abishayi wayesethi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; mangimgwaze phansi ngomkhonto kanye nje, ngingaphinde ngimehlule okwesibili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 26:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese, wathi: “Mangihambe ngimbulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?”


Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.


Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.


Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni, ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule.


UJehova uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe, lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


ODavide no-Abishayi bafika kubantu ebusuku; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni, umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka