Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 24:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UDavida wasesithi kuSawuli: Kungani ulalela amazwi akho othi: Khangela, uDavida ufuna ukukulimaza?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 24:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.


Abahluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.


Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana, nomncethezi wahlukanisa abahlobo.


Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.


Amazwi omncethezi anjengezibiliboco; ayehlela kokuphakathi komuntu.


Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.


Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo, nomlomo othophayo usebenza incithakalo.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.


UJeremiya wathi futhi enkosini uSedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake etilongweni na?


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.


UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.


Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’


Naye uDavide wasuka ngasemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.


Wathi: “Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni na? Ngububi buni obusesandleni sami na?


Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka