Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 24:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngaphezu kwalokho, baba, bheka, yebo, bheka isicephu sejazi lakho esandleni sami; ngenxa yokuthi nganquma isiqephu sengubo yakho, angikubulalanga, uyazi, uyabona ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, futhi angonanga kuwe; nokho nifuna umphefumulo wami ukuwuthatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 24:11
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”


Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?”


Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.


Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho.


Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.


Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.


Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.


isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*


Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.


Bazingela izinyathelo zethu ukuba singahambi ezigcawini zethu. Ukugcina kwethu kuseduze, izinsuku zethu zigcwele, yebo, ukugcina kwethu kufikile.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kwabesifazane abathungela zonke izindololwane izicamelo, benze imigubuzelo yamakhanda ezimo zonke ukuba bazingele imiphefumulo. Niyakuzingela yini imiphefumulo yabantu bami, nisindise imiphefumulo yenu,


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


uDavide wasuka waya, yena nabantu bakhe, wabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu amabili; uDavide waletha amajwabu abo, bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemnika uMikhali indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”


Ake uthethelele icala lencekukazi yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.


Wathi: “Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni na? Ngububi buni obusesandleni sami na?


Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.”


UJehova uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe, lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka