Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 22:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Inkosi yathi kuDowegi: “Sondela wena, usukele abapristi.” UDowegi wabakwa-Edomi wasondela, wabasukela abapristi, wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu, abembethe ingubo yamahlombe yelineni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Inkosi yathi kuDowegi: “Phenduka nawe, ubabulale abaphristi.” UDowegi wakwa-Edomi waphenduka, wababulala abaphristi ababalelwa ema-85, ababembethe ingubo yamahlombe, ngalolo lusuku.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Inkosi yasisithi kuDowegi: Phenduka, uhlasele abapristi. UDowegi wakwa-Edomi waphenduka, wababulala abapristi, wabulala abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ngalolo suku abembethe ingubo yelineni yelineni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 22:18
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila.


Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande,* uwenzele nezigqoko, kube ngezobukhosi nezokuhlobisa.


Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.


U-Efrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni, ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.


“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.


Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.


Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka