Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 20:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngalokho uJonathani wenza isivumelwano nendlu kaDavide, wathi: “UJehova makakufune esandleni sezitha zikaDavide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 20:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka-Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u-Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati;


UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukukhonza amaKaledi: hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.


“Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.


ngokuthi sizakhele i-altare, sabuya ekumlandeleni uJehova; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.


OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.


ngokuba ningenzele nonke ugobe, akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese, akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.”


Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide, enezele futhi, uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.”


“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.


AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka