Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “UJehova uyabulala, abesephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 “USimakade uyabulala, bese ephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, bese enyusa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova uyaphilisa; wehlela eHayidesi, akhuphule;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 2:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”


Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.


Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.


Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.


Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo; ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.


Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;


Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.


Ngalokho profetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka