Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uma lowo muntu wathi kuye: “Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala, besewuthatha njengokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uma umuntu ethi kuye: “Mabangashisi amanoni ngalesi sikhathi, bese uthatha njengokufisa komphefumulo wakho; wayesemphendula wathi: Cha; kodwa kufanele unginike yona manje; uma kungenjalo, ngiyakuyithatha ngamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 2:16
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi; onke amanoni angakaJehova.


Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.


Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”


Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka