Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 18:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwathi ngangomuso umoya omubi kaNkulunkulu wehlela uSawule, waprofetha phakathi kwendlu; uDavide wabetha ngesandla sakhe njengakuqala, kwakukhona umkhonto esandleni sikaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 18:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho isidlulile imini, baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: “Yenyukela eRamoti Gileyadi, ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari, inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke.’ ” Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.


Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,


Wathi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wathi: “Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi, ngizithintithe.” Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.


Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu,* walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.


USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.


USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.


UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.


Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.


Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka