Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 16:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: “Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathumela wamngenisa. Wayebomvu, emuhle ngokubukeka, emuhle ngokubukeka. Wayesethi uJehova: “Vuka, umgcobe, ngokuba nguye.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 16:12
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.


Lawa angamazwi okugcina kaDavide. “UDavide indodana kaJese uthi, umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:


“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;


uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu.


Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu.


Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu, uyabonakala phakathi kwezigidi.


Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane, babe mhlophe kunobisi; imizimba yabo yayibomvana kunekorali,* isimo sabo sasinjengesafire.*


Yayisithi: “Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.”


“Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo


“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise;


Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.


Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”


UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle.


Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”


USamuweli esembonile uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka