Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 10:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 USamuweli wayesezisondeza zonke izizwana zakwa-Israyeli, kwathi isizwana sakwaBhenjamini sadliwa wunkatho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho uSamuweli esesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwathathwa isizwe sakwaBenjamini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 10:20
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku-Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.


Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.


NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”


kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”


Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.


USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.


Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka