Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwakukhona umuntu waseRamatayimi Sofimu lasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalingu-Elkana indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaSufi wakwa-Efrayimi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 1:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.


u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;


Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,


Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli


ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa


Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye;


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,”


Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika.


Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.


Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.


Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.


u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.


UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.


U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi.


Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.


Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseShalisha, kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana.


Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: “Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka