Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kuThimothewu 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 ngenxa yobumbulu babaqambimanga, abashiswe uphawu kunembeza wabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ukukhuluma amanga ngokuzenzisa; beshiswe unembeza wabo ngensimbi eshisayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukukhuluma amanga ngokuzenzisa; beshiswe unembeza wabo ngensimbi eshisayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kuThimothewu 4:2
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”


Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,


Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.


Yizwani lokhu nina bantu eniyiziwula neningenakuqonda, eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.


ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;


abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.


nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.


ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka