Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kuThimothewu 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngeyamakhosi, nakubo bonke abakhulu; ukuze siphile impilo ezolileyo lenokuthula kukho konke ukuhlonipha uNkulunkulu lobuqotho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngeyamakhosi, nakubo bonke abakhulu; ukuze siphile impilo ezolileyo lenokuthula kukho konke ukuhlonipha uNkulunkulu lobuqotho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kuThimothewu 2:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”


ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho.


Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.


Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.”


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;


nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka